Ingabe ngenza iphutha yini uma ngingase ngilungise imuthi ekwazi ukushaya ngqo emhloleni. Imithi eyenza lento eyenziwa izaNgoma (ukubhula), umehluko ngalemithi ukuthi yona ikhombha ngqo enkingeni, ayihlawumbhiseli. Icacisa yonke into ngephupho, kungaba mhlampe ubuthakathi obenziwa kulelo khaya, noma umsuka wezinkinga zomuNtu. Lemithi iphinde iveze izixazululo zokuthi inkinga kumele ilungiswe kanjani. Kokunye uma unenhlanhla, izinkinga zilunga khona ephusheni. Akube kusadingeka ukuthi umuntu afukuze kanzima. Lenxube iphinde umveze nomuntu ongalungile eceleni kwakho noma umuntu owamosha ikini. Manje ngiyabuza futhi ukuthi kungaba yiphutha na ukuhlanganisela abantu into enjalo, ngoba iMizi eminingi iphelile kweminye akuzwana ngenxa yokuyohlola. Enye into ngalenxube uyakwazi ukukhulula umphefumulo owathunjwa ongahleli kahle, angime laph. 🍃🫶🏽